eKhaya kwaBhanya
Bakwethu! Ngiyabonga ngokungibikela ngesimo esesivele enxiweni lakwethu kwaBhanya. Eminyakeni emibili edlule, sihlanganiswe yisililo ngokushiywa kwethu nguMdu [26.11.2015], ngavuka ekuseni ngayokhuleka engcwabeni likaGogo, uHluphekile uKaMhlungu wakwaZungu, umphembi walesi siza esazalelwa sakhulela kuso thina zelamani zikaMaZungu noNtabayezulu, esaze sachithwa saxoshwa khona ngowe-1963. … weiter / qhubeka lapha »