UMama [uMaZungu wakwaKhumalo (1922-2001] wasishiya nomlando womndeni wakwethu ayesilobelé wona elekelelwa ephelekezelwa ngabantwabake, oBheni (*1950) noUbbo(*1939) noNomusa (1962-2006).
Kulo mlando uMaZungu uxoxa ngekhaya, ngomuzi, nangomndeni owaphembeka, wakhula kusukela ekubonaneni nasekugananeni kwakhe [1940] nensizwa yakwaKhumalo kwelaseMahlabathini, uMkhulunyelwa (1918-1990), nasekuphembeni kwabo kwenxiwa nekhaya KwaBhanya [1941].
Izikhathi zobungane KwaBambelentulo kwelaseBaQulusini (1922 …), imindundu yeminyaka phansi kombuso wobandlululo nowengcindenzelo ye-apartheid (1948-1994) kuze kufike „ezikhathini zempilo ethokozisayo sekukhululekiwe“ eNingizimu-Afrika entsha (1994 …) – uMaZungu usixoxela konke lokho azalelwa, wakhulela kukho, wakwakha, wakuthuthukisa, wabhekana nakho, wakuzabalazela, wakulwela, wakubekezelela, wakwehlula, wakuthokozela, wakuthakasela …
Abomndeni nezihlobo sebengawuthola bazifundele lo mlando wakwethu >> eKhaya

enxiweni laseKhaya KwaBhanya (2007)
[…] Eminyakeni emibili edlule, sihlanganiswe yisililo ngokushiywa kwethu nguMdu [26.11.2015], ngavuka ekuseni ngayokhuleka engcwabeni likaGogo, uHluphekile uKaMhlungu wakwaZungu, umphembi walesi siza esazalelwa sakhulela kuso thina zelamani zikaMaZungu noNtabayezulu, esaze sachithwa saxoshwa khona ngowe-1963. […]
[…] ezazingelula, sesachithwa emanxiweni akwethu kwaBhanya, sayoquba eMathendeni, sedlulela eLokshini, sedlulela eMondlo […]