uBONGANI   wakwaKHUMALO eBaQulusini/eGauteng [1952-2020]

uBongani wakwaKhumalo eBaQulusini/eGauteng_[1952-2020]

insizwa kaMkhulunyelwa, umfana kaNdindi,

uMQulusi , uMzansi

|

uBONGANI  KHUMALO

ngumuntu

olungile, onomusa   –   onomoya omuhle;

oqotho, onesimilo,

onogazi;

ohloniphayo nohlonishwayo

ozithobayo, onemfundiso.

|

uBONGANI KHUMALO

ngumuntu

okhuthele,  onekhono, onokuzimisela nonentshisekelo;

ngumakhi nomeluleki

onengqondo, onezikhwepha, onomfutho, onesibindi,

ophembayo, ovuthelelayo, ofukulayo,

ovuselelayo.

|

uBONGANI   KHUMALO

ngumuntu

oyigagu, oyinono, ocophelelayo,

ocwaningisayo, ohlolisisayo,

igcokama;

ikholwa eliyisibonelo  –   isethenjwa.

|

uBONGANI    KHUMALO

ngumuntu

oneso, onesandla, onenhliziyo ehle;

obonelelayo, obekezelelayo,

  onesihe, onozwelo;

ocebisayo, oxolelayo.

|

uBONGANI     KHUMALO

ngumuntu

ongumhlahlandlela,

obona kude,

iqhawe   –   ingqwele!

 

 

 

 

 

M z i l i k a z i !

 

eKhaya eJalimane

30.12.2020

> ezinye zezithombe zakhe  | einige Aufnahmen von ihm

> 03.01.2021 eKhaya eGoli

> 06.01.2021_eKhaya eGoli

> Ngubani lo? | Wer ist dieser?   –   Mzi

> PressReader Sunday Times Sunday 10 January 2021

>25.02.2021: Mbonge uJehova mphefumulo wami | Lobe Gott meine Seele

Bongani Khumalo: 25.02.2021

> iziThombe | Fotos

*

>>  iziThombe zethu | unser Fotoalbum

 

 

Ein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »uBONGANI   wakwaKHUMALO eBaQulusini/eGauteng [1952-2020]«

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>