uJohannes Meyer waseBerlin: … …

Lo mzamo osaqhubekayo kwelaseNingizimu-Afrika wokucathulisana njengomphakathi okhululekile nofisa ukuphila ngokwazisana nokubonelelana, uthakaselwa ngabaningi emhlabeni jikelele. KwelaseYurophu baningi abafana noMnumzane uJohannes Meyer waseBerlin, eJalimane, esixoxisana nabo ngokuningi okwenzekayo.

UMumzane uMeyer ususwa phansi yilolu daba olusematheni oludingidwa ngabafundi nabaphathi ikakhulukazi eNyuvesi yaseStellenbosch ngemibono nangendlela yokuxoxisana emphakathini okukhulunywa kuwo izilwimi eziningi ezahlukene njengakwelaseNingizimu-Afrika. Uphefumula uthi-ke okaMeyer:

Bayangijabulisa abafundi baseStellenbosch ngemizamo yabo.

Mina ngiyisakhamuzi saseJalimane eYurophu. Ukuxhumana kwami nabangani eNingizimu-Afrika kwaqala ngezikhathi zomzabalazo wenkululeko, abazali bami bebambisene nabangani babo ababeqhamuka lapho, besindé ezinhlekeleleni eziningi – eSharpeville, eSoweto nakwezinye izindawo –, belwela ukukhulula elakubo embusweni wobandlululo nengcindezelo, umbuso weapartheid.

Ukukhululeka kweNingizimu-Afrika [1994] ngakuthokozela njengokuqala kwesahluko esisha emizamweni yokubuyisana nokuhlalisana ngokwazisana nokubonelelana emhlabeni jikelele.

Ekutholeni kwamiumfundaze wokuyoqhuba izifundo zami eMzansi [2004], ngangethembé ukuthi ngalokho ngiyothola nethuba lokuthi ngifunde kangcono isiZulu kwelaseMgungundlovu naseThekwini lapho engangizoyofunda khona, ngafike ngadumalela khona: Kufundwa ngesiNgisi eNyuvesi yakwaZulu-Natali! Abaningi abafundisa nabafunda khona bakhombisa  ukungathandisisi ukukhulunyiswa nokuxoxisana ngolwimi lwakubo – basixuba nesiNgisi isiZulu uma bengasavelanga-nje bakwitiza, babhidilisha isiNgisi ngokungapheleli phi.

Nanamuhla lokhu kusangixaka lokhu: INingizimu-Afrika yizwe elinezilwimi eziyishumi nanye [11] ngokomthethosisekelo – isiZulu, isiXhosa, isiTswana, isiSuthu, isiSwazi, isiNdebele, isiVenda, isiPedi, isiTsonga, isiNgisi, isiBhunu, …

Ngiyazibuza: Ziyokhululeka nini izakhamuzi zaseNingizimu-Afrika engqondweni, zikhawule ukulokhu zazama ukulingisa amaNgisi, zikhululeke, zibe yinzalo nabazali beAfrika ekhululekile, izakhamuzi zayo ezilingana nazo zonke ezinye ezizweni ezinganeno nangaphesheya kwezilwandle?

Ezingxenyeni eziningi emhlabeni sezedlule izizwe ezi9khathini ezazicindezelwe kuzo, seziyayiphila le nkululeko ezagcina zizizuzele yona. Sezayeka ukulokhu zizama ukulingisa abacindezeli bazo bezolo – zixoxiana ziphilisana ngezilwimi zazo.

Ngibafisela impumelelo abazali nabafundi nabaphathi  nabo bonke abakulo mzabalazo wokukhulula elakubo ebugqilini nasebuvileni, bakhululeke nabo, baphile njengabaningi abanye emhlabeni, sisifunde kahle kubo isiZulu nesiXhosa nesiTswana nesiSuthu nesiSwazi nesiNdebele nesiVenda nesiPedi nesiTsonga nazo zonke ezinye.

NguJohannes Meyer waseBerlin.

>> Hier ist ein Ort

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner