1948-1994: Ngubani owayengesilo iKholwa?

Leli shashalazi lokuxoxelana nokukhumbuzana ngilivula ngenxa yokuthi lolu dweshu olusandakubheduka olusuké eThekwini nasemaphethelweni emva kwenkulumo yeSilo oPhongolo, okuthiwa sinxusé khona ukuthi `abokufika babophe imithwalo, baphindiselwe lapho babebaleké beqhamuka khona´,  lungephula umoya,  l u y a n g i d u m a z a.   Ngithi: Lolu dweshu alube yisizathu sokuthi sisukume phansi, sikhuthalele ukubhobokelana, ukuvulelana izifuba, sikhumbuzane, sivusane, sakhane!

Eminyakeni emphamili (1652-1994), ngezikhathi zokuhlwithwa nokudunwa kwezwe ngabokufika [colonialism] nokubuswa ngendluzula yobandlululo nengcindezelo [apartheid], kwahamba kwahamba abathile kwabombuso wengcindezelo nabo ababefiké beqhamuka phesheya kwelaseYurophu nasekwelaseMelika ngokwentumo yenkolo yobuKhristu [missionaries], bavula amathuba, baphenya amashashalazi  okuthi abantwana bomdabu bakwazi ukumenywa, baqoqelwe khona, bayofundiswa ukuloba nokubala, kwethenjwé ukuthi labo bantwana nayokhula, kugcine sekukwazeka ukuthi abokufika bazixoxele nabo, babagqugqumezele [`babashumayeze´ (bheka igama elithi: “shumayela”)] ngempilo, ngenqubo yansukuzonke, namasiko nangenkolo kwelaseYurophu naseMelika, b a p h e n d u k e,  `bakholwe´, bavume ukuphila ngokwenqubo yababafundisayo nababashumayezayo, babe ngamaKhristu  –  iMpucuko, ubuKholwa, ubuKhristu.

Muva nje-ke (1948-1994), ngezikhathi zokubuswa ngendluzula yobandlululo nengcindezelo [apartheid], ibisingené yangenisisa inqubo yempucuko neyenkolo yobuKhristu emphakathini.  Ngubani owayengesilo iKholwa ngalezo zikhathi?  Ngubani ongesilo iKholwa namuhla?

Yilezi zikhathi-ke [1948-1994] elaseNingizimu-Afrika ebelibhekené kuzo nezinselelo nezingqinamba ezingaqedwa  – isiKhathi soMzabalazo [The Struggle]:

  • Ngubani owayengesilo iKholwa ngaleyo minyaka?
  • Ngubani owayephumelela-nje kuphela ukuzabalazela ukuziphilisa yena luqobo lwakhe nokuzondlela-nje owakwakhe nabantwababo-nje kuphela kanye mhlawumbe nokunakelela abazali bakhe nabowakwakhe abangasenamandla okuziqhwishela ngokwabo usuku nosuku?
  • Ngubani owayesegciné ezidelé amathambo, wangena ekusebenzeleni umzabalazo wokukhulula izwa imini nobusuku – ngomshoshaphansi noma esesekudingisweni?

Kwakunzima!

Siyakhumbuzana.  Siyaxoxelana. Siyavusana:

Leli shashalazi lokuxoxelana nokukhumbuzana ngilivula ngenxa yokuthi lolu dweshu olusandakubheduka olusuké eThekwini nasemaphethelweni emva kwenkulumo yeSilo oPhongolo, okuthiwa sinxusé khona ukuthi `abokufika babophe imithwalo, baphindiselwe lapho babebaleké beqhamuka khona´, lungephula umoya  l u y a n g i d u m a z a.   Ngifisa ukuthi lolu dweshu lube yisizathu sokuthi sisukume phansi, sikhuthalele ukubhobokelana, ukuvulelana izifuba, sikhumbuzane, sivusane, sakhane! Yingakho namuhla ngibeka lo mbono:

ISilo kufanele sinxuswe ukuthi sivume ukwamukele isicelo esingethulwa nguMongameli kaZwelonke, isicelo somphakathi, sokuthi iSilo sivakashele emazweni esakhelene nawo – eMozambikhi, eZimbabhwe, kwelaseKhongo, eSomaliya nakwamanye -, siye siphelekezelwa yiqembu labakhongi nabahlanganisi  [Outreach in Goodwill] – siyosishwelezela, sisixolisele, sisikhonzele, sisedlulisele isiqiniseko sokuthi umphakathi waseNingizimu-Afrika namanje awuxabene neze nabo, awuzondani nanoma ngubani-nje omunye, kanye nesiqiniseko sokuthi uhulumeni waseNingizimu-Afrika uzimisele ukuthi bathungathwe, batholakale, bethweswe icala, liqulwe, bagwetshwe uma libalahla, bajeziswe ngokusemthethweni bonke laba okuyotholakala ukuthi yibo abephula umthetho, bahlukumeza, balimaza, babulala abokufika kwelakithi kulolu dweshu obeluvele.

Aké niphefumule nani ukuthi nithini kulokhu engikuhlongozayo.  Naso isikhala ngezansi – lapho okuthi khona “Kommentare”; phefumulani, sizwe!

nguBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] eseViyweni leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu [Biblia Zuluensis] http://www.biblia-zuluensis.de/ ;   >> uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini

9 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »1948-1994: Ngubani owayengesilo iKholwa?«

  1. Nje-ke, Mntungwa!

    Asinxuswe iSilo ukuthi sisemukele isicelo esinjalo, uma uMongameli engase asenze.

    nguMfaniseni wakwaNtuli eMzinto.

  2. Ngibingelele

    Mina nginombuzo Mashobane. Uhulumeni wakithi uzoxolisa nini kithi ngokungabheki kahle imingcele yakuleli size sithole abakwethu bebanga ithambo nabakwamanye amazwe na?

    Ngiyabonga
    nguSbu Langa

  3. Sbu,

    Mina ngiyakuthokozela ukuthi uhulumeni uyabadedela ababalekela kwelakithi, bangene, bazozitholela isiphephelo kokubaxosha emakubo – njengoba umthethosisekele nemithetho yezwe kanye nemithetho yenhlangano yezizwe isho. Basinda kanjalo nabaningi abakwelakithi ngezikhathi kusabalekwa kuyocashwa, sixinwé ulaka lwengcindezelo emzabalazweni wokukhulula izwe.
    Sekukuhle-ke manje ukuthi elakithi nalo selingelinye lamazwe emhlabeni okwethenjelwa kubalekelwe kuwo ezikhathini zobunzima. Lokhu kuhambisana nenqubo esakhuliswa ngayo, yokuba neso kwabadinga usizo, sihlephulelane nabo okuncane esinakho, basinde, baphile nathi. UbuNtu lobo!
    Ngiyakhonza!
    nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini.

  4. Dear Ben

    Thanks for all you do.

    Blessings!

    The Rt Rev’d Dr Jo Seoka
    Anglican Bishop of Pretoria ACSA

  5. Angivumelani nombono wakho, Mntungwa,

    Okungcono kungacelwa wonke amakhosi – izingonyama zezinhlanga zonkana zaseMzansi – ukuthatha lolo hambo lokuyoshweleza komakhelwana bethu. Funa kubuzeke ukuthi uBhejane umele amaZulu noma iNingizimu-Afrika yonke? Phela lapha eMzansi abukapheli nobuhlanga lobo, njengoba nobandlululo lwe-aphathedi nalo lungakapheli. Izigebengu ezenze lolu dwashu ziyizinhlanga ezehlukeneyo, hayi amaZulu kuphela.

    Mina nengithi akube yiminyango yezaseKhaya (Home Affairs) kanye nowokuXhumana nokuBambisana kweZezwe lonke (International Affairs & Co-operation) abathunywayo ukuyosixolisela komakhelwana bethu.

    Regards

    Sakhi Dumakude, PrEng, PrCPM.

  6. Nzimase!

    Ngiyawuzwa umbono wakho wokuthi kungabi yiSilo, kodwa kube ngabaphathi abamele umphakathi ezigodini nasezindaweni ezehlukene kuzwelonke. ISilo bekuyoba kuhla uma uMongameli kaZwelonke abengasinxusa ukuthi lelo qembu liholwe yiso; osekungaba yithuba futhi lokugcizelela amazwi eSilo amuva, azihlangulayo kulaba abasithele ngehlazo ngobudlova abebenzile.
    Kodwa-ke yimininingwane esingayiyekelela-nje ezandleni zikaMongameli nabambisene nabo uma lo mbono wemukeleka. Okusemqoka ukuthi kungalitshalwa ukuthi kusukunywe, kuhanjwe kuyolilwa, kuyoshwelezwa, kubuyiswane, kukhunyelwane umlotha.

    Siyakhonza!
    Yithi KwaMachanca.

  7. Sengiyifundile impendulo yakho, Mbulazi.

    Ngiyayemukela ngenhliziyo emsulwa nemhlophe!

    Regards

    Sakhi Dumakude.

  8. Ihlazo esethweswe lona ngokuhlukunyezwa nokubulawa kwabokufika kwelakithi liyohlala liyisilonda esingaseyukuphola kithina esingahambisani nomona nobudlova balezo zephulamthetho ezisiphoxile.
    Sekuyoba nzima nokuvakashela kwamanye amazwe okunezintandane nabafelokazi nabafelwa khona abalila bebheke kwelakithi. Noma kungaba nesondlo asingakwazi ukubakhohlikhohlisa ngaso, siyovela emalini ethelwa yithi, thina esisebenzayo, esigcina imithetho, esingahambisani nobudlova osebuthelé thina sonke ngehlazo – yizindleko zonke lezo esizidalelwa yizephulamthetho nabashoshozeli bazo.
    Sengathi izaba ezenziwayo ukuhlangabezana nale mikhuba yomona nobudlova, zingaphumelela. Ivuleke ingqondo kuwo wonke, kuhlaliswane ngokwazisana nokubonelelayo okungenalubandlululo!

    nguSibongile Mthembu waseXobho.

  9. Kungimangalisile ukuzwa iSilo sesikhuluma ngokuzihlangula enkulumweni yaso yasoPhongolo, esayiphetha ngamazwi asusa phansi la malangabi obudlova asishiyé silila, sizilile. Ngokunjani lokho kwethembeka emphakathini okuqondakali ukuthi kumi eqinisweni noma ekuhlanekezelweni kweqiniso?
    Kuyangidida mina lokhu, kungenza ngingabe ngisathandisisa kahle ukulale okushiwo yiSilo, ngikuxwaye-nje impela ukuze ngihambisane nomthetho nokubonelelana okungenalubandlululo!

    nguNonhlanhla Nyanda eMbumbulu.

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner