iThuba-Nhlanhla eMzansi-Afrika (Kairos Southern Africa) 2012

IZILOKOTHO NEMIBONO
NGOKWENGQONDO YEZENKOLO NANGOKWENQUBO NGOKUNOBUNTU
EMKHOSINI WONYAKA WEKHULU KAKHONGOLOSE (ANC)
NGOWE-2012

(Theological and Ethical Reflections
on the 2012 Centenary Celebrations of the African National Congress [ANC])

>>iThuba-Nhlanhla eMzansi-Afrika

iSethulo:

Sethemba ukuthi kuzoqhubeka ngconywana-ke manje ukuzifundela sizihlaziyele ngokwethu lezi zilokotho ezisematheni kwelakithi nonyaka ezaziwa ngokuthi “yiThuba-Nhlahla* eMzansi-Afrika“ ezihambisana nemibono ngokwengqondo yezenkolo (theology) nangokwenqubo ngokunobuntu (ethics) emkhosini wonyaka wekhulu kaKhongolose (ANC), ezingama-“Theological and Ethical Reflections on the 2012 Centenary Celebrations of the African National Congress (Kairos Southern Africa)”.

Ekuwuhumusheleni esiZulwini lo ‘masifundisane’, sibambelelisise impela endleleni obekwe ngayo ngesiNgisi, sakhululeka-ke nokho emzamweni wokuzibekela ngesiZulu esifundeka siqondeke kahle.

Emakhaya, nasemihlanganweni kanye nasezifundweni kulo lonke elakithi nasemaphandleni zizoqhubeka zifundwa lezi zilokotho nale mibono, kuchazelwana, kuqwagayiswana ngawo, okuyinhloso yabalobi nabesekeli bawo. Sifisa kuqhutshekwe kanjalo, sivusane, sivuselelane, sikhathalelelane, sibuyisanane, sakhane noKhongolose nabo bonke abanye nangomuso.

Makube njalo!

NguDkt uBheni wakwaKhumalo eBaQulusini [Dr. Ben Khumalo-Seegelken]
info@benkhumalo-seegelken.de

eThekwini, zimbili kuMeyi kowe-2012.

|||||||||||||

*Kukhulunywa ngethuba-nhlahla (kairós) uma kuxoxwa ngomzuzu ozuma njengonyazi, okuthi ngaleso sikhashana-nje ushaya, kuvele amathuba ezinhlahla nenala nokwazisana nokubhekelelana nempumelelo ngokumangalisayo. Liphunyuka kubhekiwe, liphunyuke unomphelo kolidembeselayo.

Ithuba-nhlahla lithathelwa encwadini kaLukha lapho kuthiwa khona uJesu waseNazaletha wayedikibele ngokudunyazwa umuzi waseJelusalema, wafikelwa yizinyembezi ebasola ngokuthi abalisukelanga phezulu, selibavelele lelo thuba elizumayo, ngesiGrikhi abalibiza ngokuthi yiKairós; yingakho nje-ke bezogcina behlaselwe, babhujiswa, kuvalwe ngehlahla. (Joh 19:41-44)

Emzabalazweni kumelwene nombuso wobandlululo nengcindezelo weapartheid balimisa ngesihloko abathile ngowe-1985 bekhononda, bekhuza umhlolo, besola, begqugquzelela ukulwela inkululeko; bathathela emazwini oMbhalo ngethuba-nhlahla (kairós) benxusa umphakathi emakhaya nasemabandleni ukuthi ubhunkule kabusha, ukhuthalele umzabalazo. Laziswa umhlaba wonke namuhla lelo zwi iKairos-Document eseyahunyushelwa ezilwimini eziningi eYurophu, eMelika nakwawaseMpumalanga, yakhuthuza nabanye ukuthi bavuselelane ngokunjalo – njengabeKairos-Palestina-nje.

Ekuhlanganiseni kukaKhongolose (ANC) unyaka wekhulu ngowe-2012, lezi zilokotho nemibono uKhongolose ayinikwé ngabathile kwabakhuthalele ingqondo ngezenkolo (theology) nenqubo ngokokobuntu (ethics) emphakathini isekelwe uMbhalo njengokwamazwi kaJesu akhuthuzelela ukuthi libunjwe liseva – lisetshenzisiswe ngenkuthalo nangokwazisana nangobanjiswano ithuba-nhlahla (kairós) elivele ngokukhululwa kwezwe.

NguDkt uBheni wakwaKhumalo eBaQulusini [Dr. Ben Khumalo-Seegelken]
eThekwini, 01.05.2012.

>> KAIROS 2012

>> KAIROS 2012_[Outline]
>> KAIROS 2012_[deutsche Fassung]
>> KAIROS 2012_Zusammenfassung und Stellungnahme

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner