umbuzo nemibono: iLOBOLO

Umbuzo : Uma owesifazane nowesilisa bedlula emhlabeni lingazange likhishwe ilobolo kodwa benabantwana bezele, kungabe abakubo kwenkosikazi banalo na ilungelo lokuya kubantwana bayofuna ukuthi bakhiphe ilobolo uyise ayengalikhiphanga esaphila? Kwenziwa njani esimweni esinjalo? RK

Umbono : Okusemqoka ekuphenduleni lo mbuzo yikuthi: Umthetho wezwe [umthethosisekelo] nemithetho ephathelene nokuboshwa kwefindo lobuhlobo ngokuganana [marriage laws] yiyona okufanele ilandelwe yibo bonke abagananayo.

Lokho-ke kusho ukuthi, kufanele kuhlolwe ukuthi kusemthethweni na ukuthi abafisa ukuphemba ubuhlobo ngokuganana baphoqelelwe ukuqala ngokuyokhokha nokuyofeza izibizo ezithile kubazali nasezihlotsheni [ilobolo nezibizo] ngaphambi kokuba baganane.

Uma umthetho ukuvumela lokho [ilobolo nezibizo], kufanele kuhlolwe ukuthi lowo mthetho usihlelela kanjani isimo sabafisa ukuganana kodwa bengenawo amandla okuqale bayokhokha bafeze imigomo yokulobola nokudiza. Kungafanele kuhlolwe ukuthi lowo mthetho odala ubunzima kwabafisa ukuganana ngokubethwesa izindleko ngelobolo nangezibizo, uyahambisana na nomthethosisekelo kulelo phuzu.

Kungafanele kuhlolwe futhi ukuthi lowo mthetho ovumela ukuthi kulotsholwe, uyahambisana yini nomthethosisekelo nanemithetho yezwe evikela ukuhlukunyezwa [human trafficking].

Kungaba semthethweni na ukuthi oshonelwe ngumkakhe kulindeleke ukuthi kubekhona akukhokhayo [ilobolo nezibizo] kokuthiwa umkakhe wayekade emganiselwe yibo? Kungaba semthethweni na ukuthi  abashonelwe ngumzali noma ngabazali babo kulindeleke ukuthi kubekhona abakukhokhayo [ilobolo nezibizo] kokuthiwa uyise wayekade eganiselwe yibo unina wabo?  Kungenzeke ukuthi uyobe esezifaka ecaleni lokwephula umthetho ovikela ukuhlukunyezwa lowo osebenzelana nalabo abafuna ukumkhokhisa ilobolo nezibizo?

Ithini eminye imibono kulokhu? Aké sizwe >>    khumalo-seegelken@t-online.de

nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini
oBanjiswaneni lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini

§

°umbono: Ngokwesintu ukuze izingane ziwelele esibongweni sikayise, kumele ilobolo likhishwe; kube sekuvunyelelwaneni kwemindeni ukuthi kuba yilobolo elingakanani.

                Ngokwejwayezi, ingane uma iyodwa, ilobolo layo like libe izinkomo ezinhlanu (uma ingane kungumfana) noma eziyisithupha uma kuyintombazane. Kodwa-ke, uma zingaphezu kweyodwa, kungavunyelwana ukuthi ziba ngaki izinkomo, ngoba ngeke phela ingane ilotsholwe ngelobolo eledlula leli okungalotsholwa ngalo unina.

                Kumele kube nesivumelwano ukuthi ziba ngaki, bese kuthi uma sezikhishiwe, bese kuhlatshwa imbuzi yokuzikhipha ekhaya konina ziye esibongweni sikayise, bese nakuyise kuhlatshwa imbuzi yokuzamukela.

                Lolu ulwazi lwami ngokwesintu hhayi ngokomthetho wezwe.

NguSibusiso Patrick Zikalala, 24.02.2016.

§

°umbono: Angiboni ukuthi banalo ilungelo ngoba izingane zisuke zingazilethanga zona emhlabeni. Okunye engicabanga ukuthi kubalulekile, ukuthi uyise wezingane uzihlawulile yini na.

Uma engazihlawulile, akulula-ke ukuthi kube khona utho abazolufuna uma umnikazi wodaba ehlulwé ukuzilungisela yena izinto zakhe esaphila.

NguMelusi Thusini, 24.02.2016.

§

°umbono:

Mntungwa!

Sethembe usaphila uMzilikazi kwelaseJalimane.

Bengithi nami angiphose esivivaneni kulo mbuzo omayelana nelobolo. Ngokubamfishane kwezomthetho, ngizogadla ngezesintu izikhali.

Kuqala bekuvamisile ukuthi insizwa ithande intombi ebese ixakwa izimanta zokulobola. Abadala-ke babeluhlonipha uthando; babengavimbi ukuba izithandani ziqhubeke nothando lwazo ngenxa nje yelobolo.

Bekuthi uma kufika isikhathi sokulobola, insizwa ibakhiphe abakhongi yazi kahle ukuthi ayinalutho. Bafike bamemeze umhlambi impela, wena ongaze wethembe ukuthi zikhona emuva.

Kuyothi-ke uma sekuzobonwa izinkomo, bese betshelwa abasemzini ukuthi umkhwenyana akanalutho, wayebala amatshe-nje. Sekuzohlalwa phansi-ke, kuvunyelwane ukuthi umkhwenyana akoqhubeka azame, uma kugcina ngokungahlangani, ingane yabo yentombazana yokuqala noma eyogana kuqala, izimanta zayo ziyokwedlula ziye ekhaya konina. Nasesigcawini bekungafihlwa ukuthi `kunesikweletu´ esiphakathi kwemindeni.

Ake ngikhokhe umoya Mzilikazi!

NguSteven Zulu am 16.03.2016.

§

°umbono:

Ndabezitha!

Nje-ke!

Ukuphenjwa kobuhlobo ngokuthi kukhishwe abakhongi bayokokha ilahle, bacande indlela, kwakwenziwa ngenhloso yokuzikhuthaza izithandani ukuthi ziqhubeke emzamweni wazo wokudala isiza esisha, bakhe umuzi.

Njengoba uNdabezitha esho: Izibizo nelobolo kwakuyizaba-nje zokubingelelana nokufakaziselana ukwazisana okukhona nokufisekayo emindenini esondezwa ndawonye yilezi zithandani okukhulunyiswana ngazo. Umkhongi uyazi ukuthi uthunywé ukuzokwendlalela okuhle okuhloswé yizithandani phakathi kwemindeni yakubo; usenga nezimithiyo, abale neziduli, babonge banconcoze, kwaziwa ukuthi umkhwenyana akasoze azikhipha zonke – inja iwaxhapha ize iwaqede amanzi ngolimi!

Ziyahlanganiswa izithandani, ikhishwe intombazana, iyogana, kuvunyelwane kokuvunyelwana ngakho, yakhiwe imizi, kuhlaliswane.

Muva-nje phansi kombuso wentando yeningi, umthethosisekelo nemithetho nokuboshwa kwefindo lobuhlobo ngokuganana eNingizimu-Afrika entsha inika izithandani ilungelo lokulungiselela umshado wabo ngamasiko akubo. Ngokubona kwami, izithandani ezibambisana nabakwabo ekuqhubeni ngale ndlela eyaziwayo esikhuluma ngayo lapha, zihambisana nomthetho wezwe njengemfanelo.

Ngowami umbono, uyobe ephula umthetho lowo ongake aqhamuke nokuzofuna „ukukhokhelwa“ ngokuphathelene nokuboshwa kwefindo lobuhlobo ngokuganana kwezithandani. Uyobe enza iphutha futhi uma leyo `nkokhelo´ ayifunayo eyibiza ngokuthi „yilobolo“. Ilobolo, ngokwazi kwami, alisiyo intengo, alisiyo inkokhelo, liyisaba sophawu lokwazisana nokwamukelana.

Ndabezitha!

NguBheni wakwaKhumalo, 16.03.2016.

§

 

 

4 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »umbuzo nemibono: iLOBOLO«

  1. Umbono ngokwesintu: Ukuze izingane ziwelele esibongweni sikayise, kumele ilobolo likhishwe; kube sekuvunyelelwaneni kwemindeni ukuthi kuba yilobolo elingakanani.

    Ngokwejwayezi, ingane uma iyodwa, ilobolo layo like libe izinkomo ezinhlanu (uma ingane kungumfana) noma eziyisithupha uma kuyintombazane. Kodwa-ke, uma zingaphezu kweyodwa, kungavunyelwana ukuthi ziba ngaki izinkomo, ngoba ngeke phela ingane ilotsholwe ngelobolo eledlula leli okungalotsholwa ngalo unina.

    Kumele kube nesivumelwano ukuthi ziba ngaki, bese kuthi uma sezikhishiwe, bese kuhlatshwa imbuzi yokuzikhipha ekhaya konina ziye esibongweni sikayise, bese nakuyise kuhlatshwa imbuzi yokuzamukela.

    Lolu ulwazi lwami ngokwesintu hhayi ngokomthetho wezwe.
    Sibusiso Patrick Zikalala

  2. Angiboni ukuthi banalo ilungelo ngoba izingane zisuke zingazilethanga zona emhlabeni. Okunye engicabanga ukuthi kubalulekile, ukuthi uyise wezingane uzihlawulile yini na.

    Uma engazihlawulile, akulula-ke ukuthi kube khona utho abazolufuna uma umnikazi wodaba ehlulwé ukuzilungisela yena izinto zakhe esaphila.

    NguMelusi Thusini.

  3. Mntungwa!

    Sethembe usaphila uMzilikazi kwelaseJalimane.

    Bengithi nami angiphose esivivaneni kulo mbuzo omayelana nelobolo. Ngokubamfishane kwezomthetho, ngizogadla ngezesintu izikhali.

    Kuqala bekuvamisile ukuthi insizwa ithande intombi ebese ixakwa izimanta zokulobola. Abadala-ke babeluhlonipha uthando; babengavimbi ukuba izithandani ziqhubeke nothando lwazo ngenxa nje yelobolo.
    Bekuthi uma kufika isikhathi sokulobola, insizwa ibakhiphe abakhongi yazi kahle ukuthi ayinalutho. Bafike bamemeze umhlambi impela, wena ongaze wethembe ukuthi zikhona emuva.

    Kuyothi-ke uma sekuzobonwa izinkomo, bese betshelwa abasemzini ukuthi umkhwenyana akanalutho, wayebala amatshe-nje. Sekuzohlalwa phansi-ke, kuvunyelwane ukuthi umkhwenyana akoqhubeka azame, uma kugcina ngokungahlangani, ingane yabo yentombazana yokuqala noma eyogana kuqala, izimanta zayo ziyokwedlula ziye ekhaya konina. Nasesigcawini bekungafihlwa ukuthi kunesikweletu esiphakathi kwemindeni.

    Ake ngikhokhe umoya Mzilikazi!

  4. Ndabezitha!

    Nje-ke!

    Ukuphenjwa kobuhlobo ngokuthi kukhishwe abakhongi bayokokha ilahle, bacande indlela, kwakwenziwa ngenhloso yokuzikhuthaza izithandani ukuthi ziqhubeke emzamweni wazo wokudala isiza esisha, bakhe umuzi. Njengoba uNdabezitha esho-nje, izibizo nelobolo kwakuyizaba-nje zokubingelelana nokufakaziselana ukwazisana okukhona nokufisekayo emindenini esondezwa ndawonye yilezi zithandani okukhulunyiswana ngazo. Umkhongi uyazi ukuthi uthunywé ukuzokwendlalela okuhle okuhloswé yizithandani phakathi kwemindeni yakubo; usenga nezimithiyo, abale neziduli, babonge banconcoze, kwaziwa ukuthi umkhwenyana akasoze azikhipha zonke – inja iwaxhapha ize iwaqede amanzi ngolimi!

    Ziyahlanganiswa izithandani, ikhishwe intombazana, iyogana, kuvunyelwane kokuvunyelwana ngakho, yakhiwe imizi, kuhlaliswane.

    Muva-nje phansi kombuso wentando yeningi, umthethosisekelo nemithetho nokuboshwa kwefindo lobuhlobo ngokuganana eNingizimu-Afrika entsha inika izithandani ilungelo lokulungiselela umshado wabo ngamasiko akubo. Ngokubona kwami, izithandani ezibambisana nabakwabo ekuqhubeni ngale ndlela eyaziwayo esikhuluma ngayo lapha, zihambisana nomthetho wezwe njengemfanelo.

    Ngowami umbono, uyobe ephula umthetho lowo ongake aqhamuke nokuzofuna „ukukhokhelwa“ ngokuphathelene nokuboshwa kwefindo lobuhlobo ngokuganana kwezithandani. Uyobe enza iphutha futhi uma leyo nkokhelo ayifunayo eyibiza ngokuthi „yilobolo“. Ilobolo, ngokwazi kwami, alisiyo intengo, alisiyo inkokhelo, liyisaba sophawu lokwazisana nokwamukelana.

    Ndabezitha!

    Yithi kwaMachanca.

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner