isiZulu/Deutsch: 01.01.2016

usuku lokuqala onyakeni omusha | der erste Tag im neuen Jahr

isiZulu/Deutsch: 01.01.2016
Klaus Merhof*

Eminyakeni engamakhulu amathathu namashumi amabili nanhlanu [325] eyedlule – ngonyaka wenkulungwane namakhulu ayisithupha namashumi ayisishiyagalolunye nanye [1691], uPhapha u-Inosensi [Pope Innocence XII] wanquma ukuthi usuku lokuqala enyangeni uMasingana [1 Janwari] lwaziswe njengosuku lokuqala lonyaka.

Vor 325 Jahren, erst 1691 also, wurde das Neujahrsfest von Papst Innozenz XII. auf den 1. Januar festgelegt – und hat sich (mehr oder weniger) bis heute bewährt.

Yisikhashana seminyaka eyisishiyagalolunye-nje [9] kuphela, kusukela kowe-1691 kuya kowe-1700, uPhapha u-Inosensi ayengaso esihlalweni sobuholi beBandla lamakholwa eRoma. Engena-nje esikhundleni, waguqula wahlela kabusha okuningi ayebona kufanele kuguqulwe emphakathini. Okunye kwakho kwakuphathelene nohlelo lokubalwa nokuqhutshwa kweminyaka (ikhalenda): Wanquma ukuthi unyaka uqaliswe ngosuku lokuqala enyangeni uMasingana [1 Janwari].

Nur neun Jahre lang war Innozenz XII. Papst in Rom, von 1691 bis 1700. Bereits im ersten Jahr seines Pontifikats leitete er eine Reihe von Reformen ein. Dazu gehörte auch eine wichtige Kalenderfrage: Er legte fest, dass immer mit dem 1. Januar das neue Jahr beginnen sollte.

Babekade sebake bayihlongoza, bayizama, leyo abaBusi bakwelaseRoma ezikhathini eziphambili kanye noPhapha uGrego [Pope Gregor XIII (1502-1585)] emkhankasweni wakhe owagcina ngomphumela owaziwa ngokuthi “yiKhalenda ngokukaGrego”, okwakuwumkhankaso owawufuna ukukuqalisa ngosuku lokuqala enyangeni uMasingana ukubalwa konyaka ohlelweni lweminyaka [ekhalendeni]. Awamaningi nokho amazwe avuma ukuyilandela leyo nqubo nangalezo zikhathi.

Das hatten zwar schon die Römer so gemacht, und auch für Papst Gregor XIII. (1502-1585) und seinen berühmten “Gregorianischen Kalender” begann das Jahr mit dem 1. Januar. Doch längst nicht alle Länder hielten sich daran.

Kwaqhutshekwa kulandelwa izinhlelo ezahlukene emazweni ehlukene. Kwakukhona ababeziqalisela-nje zingamashumi amabili nanhlanu kuZibandlela [25 Disemba] unyaka olandelayo ohlelweni lweminyaka, bethi lolo lusuku uJesu waseNazaletha, abamkhonzayo, azalwa ngalo. KwelaseFlansi [eFransi] bebewuqalisa ngoMkhosi wePhasika unyaka omusha kuze kube zolo lokhu [^1550]. Kulokho-ke bekwehla kwenyuka ukuqala konyaka ohlelweni [ekhalendeni] njengoba noMkhosi wePhasika wehla wenyuka minyaka-yonke. Kwamanye amazwe unyaka omusha ubuqaliswa ziyisithupha kuMasingana [6 Janwari] noma zingamashumi amabili nanye kuNdasa [21 Mashi] ngokwethwasa kwehlobo kwelaseYurophu. Nomhla wamashumi amabili nesihlanu kuNdasa [25 Mashi] wawejwayelekile ngokunjalo, kuthiwa wusuku uMariya abikelwa ngalo ukuthi uzokhulelwa.

Im Mittelalter waren den Chroniken zufolge diverse Neujahrstage gebräuchlich. Manche feierten ihn am 25. Dezember, dem Geburtstag von Jesus Christus. In Frankreich war es bis weit ins 16. Jahrhundert hinein üblich, das Jahr zu Ostern beginnen zu lassen. Dann pendelte Neujahr wie Ostern durch den Kalender als bewegliches Fest. Andernorts feierte man Neujahr am 6. Januar oder am 21. März, zum Frühlingsbeginn. Auch der 25. März kam als Neujahrstag infrage, will es der Tag der Verkündigung der Empfängnis an Maria war.

Yilesi simo-ke u-Inosensi ayezama ukusiqondisa. Uma sibheka namuhla indlela osekwaqhutshwa ngayo emazweni amaningi muva-nje, siyabona kuthi umzamo wakhe waphumelela: Kwezohwebo nezolwazi nezokwezokuxhumana emhlabeni-jikelele usuku lokuqala kuMasingana [1 Janwari] sekwaba yilona oluwusuku lokuqala lonyaka.

Dieses Chaos wollte Innozenz XII. Beseitigen. Dass er sich langfristig durchsetzen konnte, zeigt der Blick in die heutige Neujahrspraxis der weitgehend säkularen, modernen Welt: In Wirtschaft, Verkehr und Wissenschaft gilt interntional der 1. Jahrhundert als Jahresbeginn.

Nòma kunjalo, zisekhona ezinye izinsuku ezaziwa njengosuku lokuqala lonyaka: ENgilandi umhla wamashumi amabili nesithupha kuNdasa [26 Mashi] bekuwusuku lokuqala onyakeni kuze kube zolo lokhu [^1750]. Ngokwenqubo kwezenkolo kukhona abawuqalisa ngoMkhosi weAdvente unyaka omusha, abanye bawuqalise ekuqaleni kukaNcwaba [1 Agasti], abanye ekuqaleni kukaMandlulo [1 Sebthemba].

Doch andere Jahresanfänge gibt es immer noch: In England war bis zur Mitte des 18. Jahrhunderts der 26 März als Jahresanfang üblich. Alten Traditionen zufolge gilt nach wie vor der 1. Advent als Beginn des Kirchenjahres, auch bei Protestanten. Koptische Christen feiern Neujahr am 1. August, syrische Christen am 1. September.

Ngenxa yamasiko nenqubo eyahlukene kunamazwe azibalela ngendlela yawo-nje ukuqhubeka kweminyaka nokulandelana kwayo – awanasizathu sokulandela umthetho oMbusi weBandla lamakholwa eRoma: Zilishumi nane kuMandulo [14 Sebthemba] nyakenye [2015] bekuwusuku lokuqala lonyaka omusha ngokohlelo lweminyaka [ikhalenda] ngokwenkolo yesiJuda, obekungunyaka wezinkulungwane ezinhlanu namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesithupha [5776]. Zilishumi nane kuMfumfu [14 Okthoba] unyaka omusha ngokwenkolo yesiSulumane, obekungunyaka wenkulungwane namakhulu amane namashumi amathathu nesikhombisa [1437], uqalé ngokushona kwelanga. Zilishumi nesishiyagalolunye kuNhlolanja [19 Febhwari] nyakenye [2015] abaseShayina bebebingelela unyaka omusha, obekuwunyaka wamashumi amathathu nambili [32] ohlwini lwamashumi ayisikhombisa nesishiyagalolunye [79] ohlelweni lweminyaka ngokwenqubo yaseShayina, obekuwunyaka weMbuzi yeDuna.

Andere Kulturen und Religionen haben gänzlich andere Jahresanfänge und sogar andere Jahreszählungen – für sie gibt es keinerlei Grund und Anlass, sich an päpstliche Dekrete zu halten. So war am vergangenen 14. September der jüdische Neujahrstag des jüdischen Jahres 5776. Am 14. Oktober 2015 begann das islamische Jahr 1437 mit dem Sonnenuntergang. Am 19. Februar 2015 feierten die Chinesen den Beginn des 32. Jahres des 79. Zyklus des traditionellen chrinesischen Kalenders, das Jahr des Schafbocks.

Izinhlelo zeminyaka nokwakhiwa kwazo kungenye yemikhankaso enzima emhlabeni, enezingxaki ezingaqedwa. Kwasemandulo kwakucutshungulwa, kuqwagayiswana ngezindlela ezahlukene okwakungazameka ngazo ukuhlela isikhathi, kulandelwa ukwethwasa nokufa kwenyanga nokuphuma nokushona kwelanga lizungeza umhlaba. …

Kalender und ihre Berechnungen gehören weltweit zu den kompliziertesten Mysterien, die es gibt. Schon vor Urzeiten grübelten Glehrte, wie sich die unterschiedlichen Umlaufzeiten des Mondes um die Erde und die der Erde um die Sonne zur ERstellung von Kalendern nutzen ließen. Einbezogen werden musste auch die Abfolge von Tag und Nacht, also die Eigenbewegung der Erde.

Izincazelo ngonyaka wesine ohlelweni, omude ngosuku kuneminye, itholakala kwaboLwazi ngezoMkhathi nezeziNkayezi: Bathi umhlaba ugijima ibanga elingamakhilomitha angamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amane [940] ngonyaka lizungeza ilanga. Nòma ugijima ngesivinini samakhilomitha ayizinkulungwane eziyikhulu nesikhombisa [107 000] ngehora, uthatha izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu kanye nezingxenye ezingamashumi amabili nane zosuku [365,24] ukuzungeza ilanga. Unyaka ngokwejwayelekile uthatha izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu [365] ubude. Ingxenye engamashumi amabili nane osuku [0,24] igcina isihlanganisé usuku olugcwele eminyakeni emine. Kungakho-ke eminyakeni emine kuyaye kube nonyaka omqhuqhumbe, onezinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nesithupha [366].

Die Erklärung für die Schaltjahre liefert die Astronomie: 940 Millionen Kilometer legt die Erde jährlich auf ihrer Umlaufbahn um die Sonne zurück. Obwohl sie dabei mit rund 107 000 Kilometern pro Stunde unterwegs ist, braucht sie etwa 365,24 Tage für die Strecke. 365 Tage sind ein normales Jahr. Die restlichen 0,24 Tage summieren sich in vier Jahren fast zu einem ganzen Tag. Darum ist jedes vierte Jahr ein “Schaltjahr” mit 366 Tagen.

Uhlelo ngeminyaka emqhuqhumbe luthi: Isibalo sonyaka esahlukaniseka kane [4], sikhomba unyaka omqhuqhumbe. Isibalo sonyaka esihlanganisa ikhulu, siyaye sikhombe unyaka omqhuqhumbe kuphela-nje uma sehlukaniseka ngokwamakhulu amane [400]. Ngokunjalo-ke unyaka wenkulungwane namakhulu ayisishiyagalolunye [1900] wawungesiwo unyaka omqhuqhumbe; unyaka wezinkulungwane ezimbili [2000] kodwa wona wawungunyaka omqhuqhumbe. Owezinkulungwane ezimbili namakhulu amane [2400] uyoba unyaka omqhuqhumbe, owezinkulungwane ezimbili nekhulu [2100] nowezinkulungwane ezimbili namakhulu amabili [2200] kanye nowezinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu [2300] ayisiyo iminyaka emqhuqhumbe. Nòma-ke sekwabanohlelo olucutshungisiswé kanje, olwenza “iKhalenda ngokukaGrego” ngokusho kwabaziyo isebenziseke ngokugculisayo kade kangaka [iminyaka eyizinkulungwane ezintathu (3000)], kunokuphambuka okuhlala kuvela emzamweni wokulandela ukuzungezwa kwelanga umhlaba, eziqondiswa ngohlelo lwemizuzu-mqhuqhumbe.

Die Schalt-Regel besagt: Alle Jahre, die sich durch vier teilen lassen, sind Schaltjahre. Ausgenommen davon sind Jahreszahlen auf glatte Hunderter, es sei denn, sie lassen sich durch 400 teilen. Sow ar 1900 kein Schaltjahr, 2000 dagegen war eins. 2400 wird wieder eins sein, 2100, 2200 und 2300 aber nicht. Trotz dieses ausgeklügeltes Verfahrens, das den Gregorianischen Kalender den Experten zufolge für mindestens 3000 Jahre “stimmig” hält, ergeben sich minimale Abweichungen vom Sonnenjahr – dem Lauf der Erde um die Sonne -, die mit einzelnen Schaltsekunden ausgeglichen werden.

UPhapha u-Inosensi kungenzeka ukuthi wayengazazi zonke lezi zingxaki; uyaziswa nokho ngokumisa kwakhe kolokuqala kuMasingana njengolokuqala onyakeni. Ngalokho akaxhasanga-nje kuphela umbono kaPhapha uGrego, kodwa wavuna namalungu oMbuso wakwelaseRoma abaphakamisa phambilini – ngonyaka wekhulu namashumi amahlanu nantathu [153] ngaphambi kukaKhristu [ngaphambi kwenkathi esiphila kuyo] – umbono wokuthi olokuqala kuMasingana lube ngolokuqala onyakeni, okwakukade kungolokuqala kuNdasa [1 Mashi] kwelaseRoma ngelezo zikhathi. Lokho okufakazelwa ngamabizo ezinyanga [ngokolwimi lwakubo, isiLathini] kusukela kuMandulo [Sebthemba] kuya kuZibandlela [Disemba] okuyizinyanga zesikhombisa kuya kweyeshumi, kubalwa kusukwa kuNdasa [Mashi], [okwakukade kuyinyanga yokuqala konyaka kwelakubo]. Ukubizwa kwezinyanga akuguqukanga; kwaguquka ukubalwa kwazo [ngokulandelana sekusuka kuMasingana].

Papst Innozenz XII. Wusste von diesen Feinheiten vermutlich nichts. Aber ihm gebührt die Ehre für den Neujahrstag, 1. Januar. Damit bekräftigte er nicht nur Past Gregor XIII., sonern auch die römischen Konsuln, die schon im Jahr 153 vor Christus den 1. Januar zum Neujahrstag gemacht hatten – vorher, im antiken Rom, war es der 1. März. Davon zeugen noch die heutigen Monatsnamen September bis Dezember, die vom März aus gezählt der siebte bis zehnte Monat waren. Die Namen blieben, nur die Bezifferung änderte sich – gegen ihre Wortbedeutung.

*NguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini, weViyo leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha kweBhaybheli ngesiZulu [Biblia Zuluensis]; Umtapo wolwazi: Klaus Merhof, Das Ende des Neujahrs-Chaos‘, in: Evangelische Zeitung, 3.01.2016, 11.

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner