NguMhlengi noMongi noMvikeli lo
Owasophula nasolakeni lwabacindezeli
Wasihlwitha nakosondonzima bogandaganda babo sebesemabaleni kwaBhanya
Wasichushisa, sasinda
Wasiweza ngelibanzi, sasukuma sacathulisana
Sakha kabusha, sahluma, sahlabelela:
„Lihle leli zwe, osiphé lona!“
NguNtulo-sivivini lo!
Osephindé wasigijimela phambili isibhicongo, wasinqanda sesisebaleni
Wema phakathi kukasondonzima nodonga lwendlu – sasinda!
… inkondlo isaqhubeka
Kunjalo. Siyambonga asiphezi uMvikeli wethu.
Ulaka lomubi beluza kabi, ……. welula isandla sakhe somusa, walumisa lolu laka.
Akehlulwa lutho!
Siyambonga nangokuthi Yena akozeli, akalali.
Niphile
NguThoko