SIBAMBISENE

SIBAMBISENE

Umzali womntwana wesikole uthola usizo aludingayo ukubhekana nesidingo esithile esiqondene nemfundo yomntanakhe asibona singaphezu kwamandla akhe.

Umzali ubhala isicelo asiqondise kithi kuleli kheli info@benkhumalo-seegelken.de noma kuleli: SIBAMBISENE, Deputasiestraat 127, VRHEID 3100, ethule isimo abhekene naso, asho nenani aliswele.

Isidingo kungaba °okokwembatha noma °yizindleko zokuya nokubuya eskoleni nsukuzonke noma °yizindleko zokuya nokubuya emcimbini othile weskole. Kungaba futhi °yisifundo esithile umntanakhe afisa ukusenza ngaphandle nangaphezu kwezifundo azenza eskoleni (*njengezifundo zokusebenza ngekhompyutha, *izifundo zokushayela, *izifundo zokuhlabelela *nezomculo *nezemidlalo …)

OKUSEMQOKA: Umzali ubhala-nje usezifunele, waluthola ulwazi ngokuthi zinikwa ngubani, kuphi, nini, ziphela nini, zimalini lezo zifundo, uqinisekile futhi ukuthi umntanakhe uyazifisela, uyazithandela, akaphoqiwe ukwenza lezo zifundo; umzali uqinisekile ukuthi lezo zifundo azizukumthikazisa umntanakhe ezifundweni zeskole.

Umzali uthola impendulo evela kithi emazisa ukuthi siyasemukela noma asisemukeli yini isicelo sakhe. Uma kunemininingwane esisayidingayo ukuze sikwazi ukubonisana ngesicelo, siyamazisa umzali, sicele aselekelele. Uma isicelo singasemukeli, singamazisa umzali izizathu zethu uma efisa, kodwa asiphoqelekile kulokho. Uma sisemukela isicelo, umzali uthola incwadi embikelayo.

OKUSEMQOKA: Konke okuphathelene nesicelo esisethulelwayo, sikugcina njengesifuba sethu ngokusemthethweni.

Okhulumela lolu Banjiswano nguDkt. uBheni wakwaKhumalo eBaQulusini
Dr Ben Khumalo-Seegelken, SIBAMBISENE, Deputasiestraat 127, VRHEID 3100
info@benkhumalo-seegelken.de
01.01.2016

2 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »SIBAMBISENE«

  1. […] wakwaKhumalo eBaQulusini eKwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] 16 Juni […]

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner