Noma kanye-nje ngonyaka!

ubuNtu

Ungathuthuka umphakathi waseNingizimu-Afrika, ucishe uhambisane nomgomo womthethosisekelo, ube munye unhlobonhlobo, uma ungakhuthalela ukuzakha kabusha ngokubhobokelana nokubonelelana – noma kanye-nje ngonyaka!

Lokho kungaphumelela kangconywana endimeni yokuxhumana nokuxoxisana: Isibonelo esihle umphakathi ungasithola kwakhuthalele ezombusazwe okungaba yibo abahamba phambili kulo mkhankaso wokuzakha nokuzithuthukisa. Ithuba elihle kulokho kungaba yileli:

Kanye ngonyaka uhulumeni angamema umphakathi ukuzolalela uMongameli echaza ephalamende ngesimo kwezenhlalakahle nezombusazwe kwelakithi nasemhlabeni-jikelele, ebeka nemibono yakhe ngokuqhubeka kwezomnotho nezoxolo. Le nkulumo athi eyethula uMongameli, ibe isakazwa. Okusemqoka-ke kodwa lapho yikuthi akhululeke uMongameli ukusebenzisa noma yiluphi ulwimi azikhethela yena lona kulezi ezibekwé umthethosisekelo njengezilwimi zikazwelonke, isiXhosa isiSwati, isiSuthu, isiNdebele, isiTswana, isiPedi, isiVenda, isiTsonga, isiZulu, isiNgisi, isiBhunu noma olokulinganisa ngezandla; kuqashwe abafundele ukuhumusha, bahumushe ekhuluma, nalowo nalowo olalele ayizwe le nkulumo ngolwimi lwakhe – khona ephalamende kanye nasemsakazweni.

Kuncane kabi lokho kodwa kungaba yisinyathelo esikhulu emzamweni wokushiya phansi imikhuba yobandlululo nengcindezelo esesakhululeka kuyo ngokomthethosisekelo, sikhuthalele ukwazisana nokubonelelana, sibe munye sinhlobonhlobo njengokomgomo womthethosisekelo.

Sekungathi-ke nasemihlanganweni yansukuzonke nasemidlalweni kanye nasezifundweni ezikolweni nasemanyuvesi, emsebenzini nasezinkantolo, sishaye ngonyawo olusha, sixoxisane, sibonisane, sincokolisane, sakhane ngokwazisana nangokubonelelana njengomphakathi ohlangene unhlobonhlobo.

INkulumo kaMongameli Nonyaka [SONA 2016] ingebe yithuba elihle lokwenza lo mzamo?

*

nguBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini 
ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] 
oseViyweni leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha 
iBhaybheli ngesiZulu [Biblia Zuluensis]; 
>> uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini
Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner