Phambili! – 27.04.2020: Iminyaka engama-26 yenkululeko!

Phambili!
27.04.2020: Iminyaka engama-26 yenkululeko!

Umphakathi waseNingizimu-Afrika wasukuma waya okhethweni mhla wama-27 kuEphrili kowe-1994 – okokuqala ngqa bebonkana, bephathene ngokulingana. Ingcindezelo yobuqhwaga nobuqili [colonialism] nobandlululo [apartheid] kwanqotshwa, kwaqedwa.

ElaseNingizimu-Afrika namuhla – njengawo onke amazwe emhlabeni – libhekene nenselelo evele kanye nezingqinamba ezingaqedwa.

Umphakathi waseNingizimu-Afrika sengathi ungaphumelela ukuqhubeka endleleni owayithathayo, iqhubeke, ihambeke, iqonde ekusasa lenkululeko engenamkhawulo – nganeno nangaphesheya kwemingcele yelaseMzansi!

“Nkosi, sikelel’ i-Afrika!”

Ngabakwenu
eKhaya eJalimane

>> gutes Gelingen! – 27. April 2020: 26 Jahre Demokratie in Südafrika!

3 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »Phambili! – 27.04.2020: Iminyaka engama-26 yenkululeko!«

  1. EMaNtungweni!

    Sajabula ekuthola evela ngapho.

    Zazimnandi lezo nsuku, wonke umuntu ejabulela ukuyovota! Kwashintsha izinto eziningi.

    Sisambonga namanje oMdala weziNsuku, siyethemba nakulesi simo esikhona uzosithwala.

    Siyaphila sonke ngapha …

    Niphile nani ngapho!

    NguMaNgcobo

  2. ……Ekunqobeni izitha ezibhekene nazo.

    Victor Mnyandu

  3. Wena wakoMashobane noBheje eseNgome.

    Siyabonga ukukhunjulwa Mntungwa. Siyaphila kuso lesisimo somkhuhlane ohlasele umhlaba wonke. Ukusuka ngomhla ka 27 March izwe lavalwa (lockdown). Nokho iNkosi isasigcinile nePhasika siliqhube khona ezindlini, sisebenzisa wona amafoni ukudlulisa umlayezo.

    Kunenyoni ebengilokhu ngisesaba ukuyikhulumela emlilweni. … … Ngiyocela ukuba kengibuye ngikuxoxele futhi ngicobelele amasu angasiphumelelisa. … …

    Ngiyabonga
    Mfu. Bonginkosi H. Zulu

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner