Buyisela iMvelo eNgadini

Incwadi enesihloko esithi

Buyisela iMvelo eNgadini  

elotshwe

ngoCharles noJulia Botha

enemidwebo eyenziwa nguEve Gibbs

“Kubantu abaningi … ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni zasemakhaya, ukutshala izitshalo ezingatheli kudla kuyinto engaziwa. Eminyakeni eminingi edlule bebephila impilo esondelene nenhlabathi, behlonipha imithetho yemvelo. Kodwa-ke ngenxa yokuvela kwamadolobha, sekushintsha ngesivinini lokho, futhi kuyadabukisa ukuthi baningi abalandela isibonelo esingesihle esaqalwa ngabelungu ngokuthi batshale izimila ezingezona ezendabuko ezingadini zabo. Sethemba ukuthi leli bhuku lizokhuthaza ukuthi bayazise kangcono imvelo nokuthi bavikele lokho okuyifa okusasele oyisemkhulu ababekwazi bekuqonda kahle.”   NguCharles noJulia Botha  2003

Okuqukethwe

Isingeniso

Ukusuka kokufika uyekokwendabuko

Kutshalwa kanjani?

Ungwengwe nokuhlelwa kwegceke

Kungani isihlahla sendabuko sifa?

Izilokazane zasezingadini ezingathandeki

Izibulala-zinambuzane ezisebenza kahle

Izilokazane zasezingadini ezihluphayo eziyizifiki

Izimvemvane namabhu

Izinyoni zasengadini

Ichibi lasengadini

Ukutshala ezitsheni

Ama-okhedi

Ifangi yasengadini

Ama-Cycad

Imithi nezihlahlana

Izicaci kanye nezihlahlana ezenabayo

Izimbozanhlabathi nezifana nazo

Izimila ezingamakhambi, utshani nezinye

Abahlaseli bokufika

Yini engeyakuphi?

Kungathintwa bani mayelana nani?

Amagama esiZulu ezimila

Inkomba

   le ncwadi yayihunyushwe isuswa esiNgisini ngoDoris Khumalo no Alfred Ngwenya noNoleen Turner;

yashicilelwa yahlanganiswa ngabakweInterpak Books eMgungundlovu yakhishwa yiGumbi lakwaZulu-Natali leWildlife and Environment Society of South Africa, eThekwini ngonyaka we-2003; inombolo eyaziwa ngayo ithi ISBN 1-874975-08-6; iqukethe amakhasi angamakhulu amabili namashumi amane nane [244].  UCharles Botha ungusomabhizinisi. Wake waba nguSihlalo weleWildlife and Environment Society seSufzbdatwe sakwaZulu-Natali kanti futhi eyilunga laphakade layo leyo nhlangano kanye neBotanical Society. UJulia Botha unguSolwazi kwezeMithi yokwelapha [Pharmacology] owayeseNyuvesi yaseNatali lapho ayenguSihlalo khona weKomidi elibhekene nezeMvelo oPhikweni lwaseThekwini.  Uneziqu zeBPharm kanye nezobudokotela eziningi.

sicobelelana ulwazi:

nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini eKwaMachanca eJalimane  www.benkhumalo-seegelken.de

05.08.2013

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner