Phinde!

Phinde!

U-Ismail Lagardien, umlobi wesiqephu esithi „Ukulahlekelwa ukwaziseka nokwethembeka kwababengabakhululi besizwe“ encwajaneni i-afrika süd ngoNovemba/Disemba kowe-2015, uzama ukuchaza „isimo esandulela ukhetho kowe-2016“.

Ukhwela uyazehlela `usolwazi kwezepolitiki nezohwebo´, ugxeka „uMbuso“ [=”state” – iNingizimu-Afrika], uwusola ikakhulukazi ngokuthi usuphenduké „isekela eliyinceku [yeqembu elibusayo]“, osekwenzé lalahlekelwa yikhono lokusondezela umphakathi izimfanelo nokudingekileyo – „kusukela emanzini okuphuza kuze kuyoshaya kwezokuphepha emphakathini.“ Uqhubeka athi-ke lo mlobi: „Lokhu kwesweleka kwekhono nolwazi“ kudalwa yikuthi „i-ANC yadiliza zonke izisebenzi zombuso wakudala ngenkathi ithatha umbuso. … Kungakho nje-ke omasipala … behluleka ukubhekana nezimfanelo nezidingo zansukuzonke.“

Kahleni bo! Sekufanele ukuthi umsebenzi wokusondeza izimfanelo nezidingo zansukuzonke manje unikwe labaya okwadingeka ukuthi badilizwe, badediselwe ukuthi kungene umbuso wentando yeningi ngenxa yokuthi bona nalowo `mbuso wabo wakudala´ basebekhombisé bephindelela ukuthi abafuni kanti futhi abakwazi ukusondezela umphakathi izimfanelo nokudingekayo kwansukuzonke – „kusukela emanzini okuphuza kuze kuyoshaya kwezokuphepha emphakathini“? Phinde!

Wona ngokuphindiwe, wawucekela phansi umphakathi loya mbuso wobandlululo nengcindezelo ye-apartheid! Naseminyakeni esisondela kwengamashumi amathathu [lakhuleka izwe], umkhankaso wokubutha incithakalo nomonakalo abashiya bewenzile kanye nokukhuthalela ukuthuthukisa uMbuso nohulumeni nomphakathi wonkana kusemqoka kakhulu, ukuze lowo `mbuso wakudala´ neziga zawo unyamalalisise okokuphela!

nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken]

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner