Ngiyabuza, Bakwethu!

eNcome-Bloedrivier

KwaMachanca/eJalimane, 21.04.2015: Ngiyangena-nje, ngivela emlindelweni ebesinawo lapha kwelomkhulu lakithi eBerlin, lapho abanye bethu –  izakhamizi ezidabuka eAfrika  –  besihlangene khona ngomkhuleko wesililo nokukhalelana ngezidumbu ebezisele zidindilizile kulezi zinsuku kuhlaselwa abokufika eThekwini, eGoli nasezindaweni ezinye kwelaseNingizimu-Afrika.

Isililo sikhulu – sinzulu – nangapha.

Kithi-ke abadabuka kwelaseNingizimu-Afrika bekunzima-nje nakulo mlindelo wesililo nokungena-nje endlini obekuhlangenwe kuyo:  Ubabingelela uthini abahlobo nabangani nomakhelwane bakho abalilayo ngokwenzakaliswa ngabakini, asebaphendulé izintandane nabafelokazi nabafelwa – abahlobo nabangani nomakhelwane bakwelaseMozambikhi, bakwelaseZimbabwe, kwelaseKhongo, kwelaseSomalia nabakwamanye amazwe kwelaseAfrika nasemhlabeni jikelele?

Uqala uthini-nje uma usungenile, wahlala phansi, uma usuzama ukubakhelela ngomona, nonya, nenzondo nenhlamba nobudlova izephulamthetho nabashosholozi bazo ezibagciwazé ngabo, zabachwensa, zabethuka, zababhinqa, zabaqambela, zabaphoxa, zabahlasela, zabashaya, zabalimaza, zakhubaza abanye babo, zababulala, zedlula lapho zaqhubeka ukubagciwaza, nokubachwensa, nokubethuka, nokubabhinqa, nokubaqambela, nokubaphoxa, nokubahlambalaza nokubeya? Uqala uthini-nje lapho usubhekene nabalilayo?

Inkukhu ibinqunywé umlomo.  BesingoFelaphakathi okwebutho lenkosi.

Bayazi-ke nokho abahlobo nabangani nomakhelwane bakwelaseMozambikhi, bakwelaseZimbabwe, kwelaseKhongo, kwelaseSomalia nabakwamanye amazwe kwelaseAfrika nasemhlabeni jikelele esakhé nabo lapha eJalimane nakwamanye amazwe eYurophu ukuthi thina siphilela ukuphemba nokuthuthukisa ukuhlobana nokuhlalisana ngokwazisana nokuhloniphana nokubonelelana emhlabeni [ubuNtu], esasivele sikuphilela nangasezikhathini eziphambili, izikhathi zomzabalazo wenkululeko esafika ngawo nakuleli laseYurophu bengakaphushwa nokuphushwa laba asebememeza, bebhiyoza eThekwini, eGoli nasezindaweni ezinye eMzansi-Afrika – lezi zephulamthetho eziphoxa, zidumaze umphakathi waseNingizimu-Afrika nombuso wentando yeningi, umphakathi esiwuthandayo nesizigqaja nesaziswa ngawo emhlabeni jikelele.

Zivelaphi, nini, lezi zephulamthetho?

Zikuthathaphi lokhu ukuthi owokufika – okuzwakalayo ukuthi akasizwa, akasikhulumi isiZulu, akaqondisisi noma ebuza noma kukhulunywa naye; okubonakalayo ukuthi akazi muntu kwabendawo okungabe uhlobene naye, ongamemukela, amlekelele ukuthi angenise kahle kuleli, emukeleke, aphile emphakathini – (lezi zephulamthetho zikuthathaphi ukuthi lo owokufika) sezingazenzela kuye-nje bonke ububi nobudlova kwazona ezaziyo ukuthi abuvumelekile emthethweni nasemakubo lapho zakhuliswa zakhulela khona?  Zisukela owokufika zimchwense, zimethuke, zimbhinqe, zimqambele amanga, zimphoxe, zimhlasele, zimshaye, zimlimaze, zikhubaze abanye babo, zibabulale, zedlule lapho ziqhubekele ukubagciwaza, nokubachwensa, nokubethuka, nokubabhinqa, nokubaqambela amanga, nokubaphoxa, nokubahlambalaza nokubeya nokubagcona.  Zikuthathaphi izephulamthetho konke lokhu?

Nithini nina kukho konke lokhu?

Nithini uma owokufika echwenswa, ethukwa, ebhinqwa, eqanjelwa amanga, ephoxwa, ehlaselwa, eshaywa, elinyazwa, ekhutshazwa, ebulawa, kwedlulwe lapho ziqhubeke izephulamthetho zimgciwaze, zimchwense, zimethuke, zimbhinqe, zimqambele amanga, zimphoxe, zimhlambalaze, zimeye, zimgcone?

Ngiyabuza, Bakwethu: Aniwelekeleli ngani ngokubonakalayo umphakathi nohulumeni waseMzansi ezabeni abazizamayo zokubambelela emgomweni womthethosisekelo nowemithetho yonke yezwe – umgomo wokuphilisana nokuphathana ngokwazisana nokuhloniphana nokubonelelana [= ubuNtu]? Aniwelekeleli ngani ngokubonakalayo amaphoyisa emsebenzini wawo wokuthi emsebenzini wawo wokuthi abamangelelwayo, babanjwe, bethweswe icala, inkundla yokuthetha amacala iliqule icala, bagwetshwe uma libalahla, bajeziswe njengokusemthethweni, kubhekwane ngokomthetho nomona nangonya nangobudlova obuhlukumeza abokufika?

Ngiyabuza, Bakwethu.  Phendulani!

Ngowakwenu.

uBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken]

                                                      >> Asithathe isinyathelo esisha, Bakwethu!

4 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »Ngiyabuza, Bakwethu!«

  1. Mfowethu

    Sikhala nani, please find below esami isililo in form of a poem, as a Poet I couldnt help but write again about this evil.

    The Harvest
    Urgent call to uproot the root evil of Xenophobia and its poisonous seeds

    When the cup of Ubuntu illiteracy overflows Bloodbath follows When lack of knowledge abounds Destruction grows by leaps and bounds

    When my uncultivated, neglected IQ fails to define my own identity My brother, my sister, my neighbour, how can I identify?
    When my eyes hate the one on my mirror
    Surely will I hate that which I mirror

    I mark the mirrored reflection Kwerekwere When my neighbour leaves for Kenya, I say he’s leaving for Africa South Africa is detached from the continent in my grey grey-matter All those outside South Africa in the continent to me do not matter

    I boast about about my yellow bone
    But it mocks back black blonde

    I seat all day waiting for Zuma to bring back the buck While my neighbour from Mozambique for a week’s toil gets a day’s buck I wait for my entitlement from other people’s sweat I spend their hard work on fake nails and “other people’s hair”

    Brazilian, Indian, blonde, anything Caucasian I don’t mind their lice and sweat When my Somalian neighbours turn their collective savings and sweat to cash cows I envy, I hate, I scheme, I falsely accuse, I loot and kill

    My bold actions mock weak SA Police and Defense powerlessness over law & order My bold statements mock the weak SA Justice System and poor Intelligence

    But wait, before I hand myself up, for their blood cry for my life behind steel bars

    Instead of throwing stones at me
    Pause
    Reflect
    For I am also a victim

    I am a ripe harvest
    2008/2015 harvested the seeds of yester years’ “divide and rule”
    2008/2015 harvested the seeds of colonisation Colonisation that pizza sliced Africa and created boarders Rubber stamped by Bantu education Rubber stamped by Eurocentric Geography studies bearing the Colonist agenda

    2008/2015 harvested the seeds of Apartheid The then grand system that systematically reduced African image Zerorising African self-worth Trashing African self esteem Painting an African man as a non-entity in other African minds Producing a generation of Africans who see in each other a no-body African brains and European brains alike brainwashed Twisted by European agenda, psychological warfare and capitalist mind games To regard only the white man as some-body, erecting white man’s statues for honour To look down on the African man as a no-body Many ask why white foreigners are not targets of xenophobic attacks A colonised mind in 2015 is why A damaged mind by Apartheid in 2015 is why

    2008/2015 harvested seeds of violence
    Seeds of black on black violence
    Planted during the years of fighting Apartheid The merciless neck-lacing The burning alive of Impimpi by angry and betrayed ANC mobs

    2008/2015 harvested seeds of hate
    The white National Party’s violent-hatred portrayed in 21 March 1960 The white National Party’s brutality portrayed in 16 June 1976 The guerilla retaliation by PAC, AZAPO and Umkhonto we sizwe The tribal war fueled by Buthelezi’s Inkatha Freedom Party after 1994 The tribal war fueled by who-ever the white third party was, in support of IFP Seeds from the madness of SDUs and SPUs in the 1990s

    2008/2015 harvested betrayal
    Harvested rage
    The rage of the betrayed masses post 1994 Masses betrayed by their black brothers and sisters in power Brothers and sisters who chose cheese and greed over Service Delivery Masses left in squatter camps Camps that breed animal instincts “The survival of the fittest”
    “Dog-eat-dog”
    Catharsis waiting to explode
    Foreign Nationals, women and vandalism in Service Delivery Protests – easy targets

    A harvest of hungry masses
    Marginalised
    Uneducated
    Unemployed

    Don’t throw stones at us
    Throw a life line
    Help heal the damaged minds
    Comb out white lies
    Comb out ignorance from black heads

    You, the educated one, the analyst, the opinionated one Come down, calm down, catch a taxi, talk to me while seated and all ears You the one who condemns louder in front of TV cameras You, the one who comments a lot on FB and twitter from an air-conditioned office Come down, book the stuffy municipality hall for an educational workshop Call it Imbizo or Indaba or workshop or training, whatever you please Attract me with incentives: food or entertainment or certificates of attendance

    Make efforts that your information should bring about my transformation For a better modified harvest start planting seeds of love and development It is urgent!

    You, the one pointing a finger at me
    Have you been to my squatter camp, can your kids speak my language?
    Winter is creeping in; can your kid or your cat spare a blanket?
    Come down for a door to door visit in my community and get to know me better What if alcohol while in my mother’s womb doomed me to be a receiver forever?

    I am a mind that totally missed the boat of Biko’s Black Consciousness Movement I am a tribalist who totally missed Thabo Mbeki’s African Renaissance train I am a heart that lost Ubuntu I am a soul that lost identity I worship other gods, the departed, below, rather than The Creator, above I trust in umuthi and in isiphandla and forgotten Jehovah the Provider and Protector

    Please help reboot my mind
    Install anti sin-virus spirit
    Download true truth
    Restore Ubuntu

    With restored Ubuntu
    Surely mercy, forgiveness and reconciliation shall we all harvest May the love, respect and reverence for the Divine One The One who said thou shall not kill The One who said love your neighbour as thy self The One who said accept as one of your own the foreigner amongst you Be kindled in all hearts under the African sky God bless Africa!
    Makubenjalo. Kube chosi. Kube hele! By Vuyi Norman aka MaMsimanga

  2. Baba, siyabonga umthandazo ebeniwubambile, lokho kukhombisa ubuntu.

    Mina ngisashaqekile, angazi ngingaphawula/ngiphendule ngithini, nkos’ yami. Kepha umunwe wami umi, usakhombe emzini weSilo samaBandla. Noma ngimncane, kepha ngiyafisa-nje kengibhekane naye uMhlonishwa uZwelithini. Singakhuluma size sikhihle igweb’ emlonyeni, kepha indaba yaqala enkulumweni yasoPhongolo, lapho anginanazi.

    Siyakhonza!!!!!!!!!!
    NguDangazela kaNgangezwe Khumalo.

  3. […] Sikhuza umhlolo ngodweshu olushiye kulilwa emakhaya amaningi kwelakithi nakomakhelwane, nomhlaba wethukile, udumele.  Sibonga izaba uhulumeni azenzile nazenzayo ukuqondisa isimo.  Sizimisele ukuxhasa okuzanywayo ngokusemandleni ethu. […]

  4. […] ebunzimeni nasezinxushunxushwini, ezingxabanweni zombango nasezikathini zodweshu […]

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner