uMdu *26.05.1992 +26.11.2015

+
SIYALILA | WIR TRAUERN

IHubo lomndeni
– iHubo likaNtabayezulu, uMkhulunyelwa kaSomcuba [1918-1990], uYisemkhulu woMdu nabakwabo,  alikhuleka nanomndeni nabazukulu bakhe ebavakashele eJalimane [1985]     – iHubo lekhulu namashumi amabili nanye [Hub 121]

Ngenyusa amehlo, ngisinga izintaba.
Usizo lwami luyovelaphi na?

Usizo lwami luvela kuSmakade,
yena owadala izulu, wadala umhlaba!

Akaluvumeli unyawo lwakho lushelele;
Umelusi wakho akalokothi ozele.
Phinde! Akozeli, akalali!
Nguyena-melusi kaIzrayeli lo!

Usizo lwami luvela kuSmakade,
yena owadala izulu, wadala umhlaba!

Nguyena uSmakade okuhlengayo.
Ungumthunzi – uyisiphephelo sakho nxazonke!
Ilanga alisoze lakuhangula emini,
Nonyezi ebusuku awusoze wakushisa.

Usizo lwami luvela kuSmakade,
yena owadala izulu, wadala umhlaba!

USmakade uyokuvikela kukho konke okubi;
Uyokulondolozela ukuphila kwakho.

USmakade uyokwálusa
lapho uphuma
nalapho ungena
manje naphakade kwaphakade.
Ameni!

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>